Malala wenzani

Umalala uyathakwa nentelezi yokuchela egcekeni. Uyangena emithini yokuchupha isithandwa uma sizama ukuzithokosiza nomlingani embhedeni. Uyangena emthini wezitha namaphoyisa. Uyawushisa uma ekhaya kungalaleleki hlambe ingane iyahlupha ayifuni ukulala.

Umalala uyasiza uma nihluswa ukungalali ekhaya uyawushisa nezintunyiselo (umuthi wokushunqisa) ofana nezinyamazane, omunye umalala uwufake isichelweni okungaba intelezi ochela ngayo. Umalala uyasakha isithandwa sakho uma kukhona umlingani avele alale uma kumele bazithokozise. Zumekiyane umuntu ashawe ubuthongo. Lomuthi futhi uyawuhlanganisa no simayedwa uma ufuna ukuba wedwa kumuntu wakho. Umalala uyawuhlanganisa no nukani ukuze wenze isibambelelo noma isicupho kumuntu wakho. Unamandla kakhulu ekubambeni amasela, uwufake entelezini usemanzi khona uzokudlalela. Umthakathi naye uyabanjwa kalula yilenduku, umfica ethithibele. Ungajwayeli kuwukha wedwa ngoba uma uphumula emthunzini wawo uzolala.

Ukuphupha umalala umuthi

Amaphupho ngomuthi umalala, kuchaza ukuthi ukuphupha umuthi umalala? Ukuphupha umuthi umalala ngabe kuchazani? Kumele ubheke umsebenzi womuthi, nendlela umuthi oyiyo, ikhona okuzokutshela ukuthi amaphupho omuthi achaza ukuthini?

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

Uyakwazi yin ukuthi uwuphuze umalala Uma uphethwe isinye esiqaqambayo noma uyakusiza yini lokho ngibonge ngisalinde impendulo
167 posts
Reply
?
 



Video efundisa ngemithi yonke